Kumayena nolandela umnyombo walapho kusuka khona  abaphathi abakhulu abakhona njengamanje ukuthi bahlangana kanjani  ukuba basungule le nkampani eyenza imisebenzi wokubaza. Lokhu kuqina, ukusimama kanye nokuvuthwa kwabaphathi  kunomthelela wokuqhubeke nokuzinikela kwabo ekwenzeni umsebenzi osezingeni eliphezulu nasekuqambeni izinto ezintsha.

Imboni eseShakaskraal, eseKZN, ihlelwe yaba inxanxathela yezinkampani eziyisikhombisa, inkampani ngayinye izimele ngokwayo. Yilapho amandla nomdlandla wabanikazi athuthuka ngempela emakhonweni nasekubeni nesithunzi. Zonke  lezi zinkampani zisezingeni loku-1 le-BEE kanjalo ne Tailormade Joinery nayo isezingeni loku-1.

Sizimisele ukuzimbandakanya nokuqaliswa kwemithetho ye- National Building Regulations, ikakhulukazi- i-SANS 10400XAEnergy Efficiency emayelana nokuqeqesheka ekuphathweni kwamandla (energy) nasekusetshenzisweni kwamandla ngesikhathi kwakhiwa.  Le mithetho izosiza ekunyuseni amakhono ezinkampani, bese kuba nempumelelo kanjalo nentuthuko, lokhu kungenye yezizathu ezenza sihambisane nale mithetho futhi sihamba phambili kulo msebenzi wokubaza nasekutheni imikhiqizweni yethu idlule ezivivinyweni eziqinile ezibizwa ngokuthi i-SANS 613 ehlola ukuthi imikhiqizo ayingenwa amanzi nomoya kanye nokuthi izimelela ngokwanele ukumelana nezimo zezulu ezehlukene. Lezi zivivinyo zingeziqhubekayo nemikhiqizo esele nayo kufanele ihambisana nayo imithetho.

Siphinde sahambisa imikhiqizo yethu ukuba ivivinywe ngohlelo lwakwaSAFEIRA -eThermal Test Laboratory imiphumela yokuvivinywa kwemikhiqizo inikezwe i-Simulated Energy Performance yathola ukuklonyeliswa okubizwa ngokuthi i-U values nokunye ukuklonyeliswa odingakalayo ngaphansi kwe- SANS 104 00 Part XA. Isibonelo se-UValues sikhonjiziswa emakhasini emikhiqizo yonke, namkhiqizweni ngamunye munye kukhona imiphumela ebenzisa +/- 190 zezinhlobo zengilazi. Kukonke linelayibhrari enezakhiwo eziyisibonelo (amasimuley’tha) ezingaphezu kwezi- 40 000 ezingatholakala futhi ziphrintwe  ngesikhathi esiwumzuzwana. Sinomhlahlandlela okhombisa ukuvumelane kahle kwezinto.


Iningi labantu lisho izindaba ezehlukene ngokuthi le mithetho ngeke yaphoqwa- lokho thina asikholelwa kukho. UMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu usuyamukele le mithetho ezinhlelweni zawo ngokwe -National Regulator for Compulsory Specifications evunwa umthetho omkhulu okuthiwa i-NCRS Act (5 of 2008) okuwona ophoqelela le mithetho. Uma kukhona okonakalayo ngohlelo oluthile, bonke ababembandakanyeka bazobuka imithetho ehambisana nokwavunyelwana ngakho. Ukusetshenziswa kwemikhiqizo yethu kukunikeza isiqiniseko.


Leli iqembu yilona elasungula ukwakhiwa kwezinsimbi zokuvikela ukuba kugqekezwe amabhag’labhazi (burglar bars) ezweni lonke manje selinethulela indlela entsha yokusetshenziswa kokhuni luhlale luwukhuni ngaphandle kokusebenzisa izinto ezinobuthi. Sizosebenzisa i-ACCOYA ukuze imikhiqizo yethu ibe nohle obudlulele futhi ibe nesiqiniseko esidlulele sokungaboli nokuhlaselwa izinambuza isikhathi esingangeminyaka engama-50. Imininingwane ephelele yalo mkhiqizo omusha futhi omuhle kanje ungawubona uma uvakashela i-website ethi. www.freedomwood-accoya.


Njnegenkampani yaseNingizimu Afrika sizimisele futhi, ukuba selekelele ekubhekeleleni ukusetshenziswa kwezilimi ezehlukene kube nokuzikhethela ulimi ofisa ukulusebenzisa

tmj logo

Ukwenyuswa Kwezinga Lemikhiqizo Emisha

I-Tailormade Joinery yenyusa izinga layo lemikhiqizo yokhuni ngokusebenzisa ukhuni lwe-Accoya.

Ukhuni lwe-Accoya®  lungumphumela wocwaningo oseluthathe isikhathi esingaphezulu kweminyaka engama- 80 nentuthuko esiyithathe isikhathi eside kanye nesu lokwenza kangcono ukhuni oseluguquliwe lwaba i-. acetylation – ukhuni oluhle,oluphuma phambili kwezobuchwepheshe.

Ukhuni i-Accoya® lungasetshenzisa noma kuyiphi into kusukela emawindini nasezicabheni, ukwakhiwa kwamadekhi, ukwenza amabhuloho ezikebhe nasezintweni ezisetshenziswayo ezikhona kumanje  ezisesimweni esingasagculisi.

Ukhuni i-Accoya® ukhuni oluhle ongalukhetha uma ufuna amafulemu amafasitela.  Akukhona nje kuphela ukuthi luphansi ekudluliseni ukushisa kodwa ukuthi kuqinile ngakho luhlala isikhathi eside ikakhuluzi ezindaweni ezishasa kakhulu. Ukhuni olungapendwa ngopende ongabonakali noma kulabo abangathanda lupendwe noma luhlale lusesiweni salo semvelo. Ukhuni i-Accoya® lunezindleko eziphansi ukulugcina luluhle  phansi lokho kwenze kubalula  ukuba luthengeke. 

Izicabha zangaphandle kanye namashathazi (shutters) kumele kumele aqine kakhudlwana izicabha ukuze (zivikeleke ekungabini lukhuni uma zivulwa noma ukuzivalwa ngenxa yezimo zesimo sezulu esingesihle) ngaleyo ndlela kube lukhuni zisheshe ziguge. Ukhuni i-Accoya®  ibekeka isesimweni esiphezulu futhi iyakwazi ukushintsha shintsheka ngendlela elula noma ephiceneyo kuya ngokuthanda kwakho.

ACCOYA
accoya wood